Isitifikedi esiwolintshi sinikezwa lapho isampuli ithathwa ngokomthetho phakathi kwezinye ukuze ihlolwe ngaphansi kwegunya lelaborethri egunyazwe ngokomthetho okuyiyona ekhiphe leyo sampuli.
Isitifikedi esi-Green sinikezwa lapho isampuli ithathwa phakathi kwezinye ngaphansi kwegunya lelabhorethri egunyaziwe, kodwa uhlolo lwenziwa kwenye ilabhorethri nayo egunyaziwe kodwa kwelinye izwe.
Isitifikedi esiBlue sikhishwa lapho isampuli ingathathwa ngaphansi kwelabhorethri egunyaziwe, kodwa ilabhorethri egunyaziwe yona ibhekene nje nohlolo lwesampuli.
Lapho ama-lot ezimbewu eselungele ukwenziwa kwesampuli, biza umhloli ukuzothatha amasampuli.
Amasampuli anikezwa abe-OSTS abese ehlolelwa iqophelo ebese kukhishwa isitifikedi.
Kungakhokhwa ngendlela ye-elektroniki noma ngokukhokha kukhawuntala, kodwa kubalulekile ukuthi usho inombolo ye-invoice ukuze bazokwazi ukuqhathanisa imali ekhishiwe kanye ne-invoice eyenziwe.
Awukho umthetho osetshenziswayo.
Abesiteshi esigunyaziwe sokuhlolwa kwezimbewu iOfficial Seed Tasting Station, babonelela kuqala ukuhlolwa kwamasampuli ezimbewu ezithunyelwa ngaphandle. Izinhlobo ezehlukene zezitshalo zinezimo ezehlukene zokuhlolwa kanti isikhathi sokuhlolwa siyehlukahluke ukusukela ezinsukwini ezimbalwa ukuya kumaviki ambalwa.
Abe-OSTS bazimisele ukuqhumisa amasampuli ezimbewu kwikhonsayinimente noma inqwaba eyodwa ngaphansi kwezimo ezifanayo zohlolo. Kanti futhi iklayenti ingacela uhlolo olunhlobo-nhlobo. Ngeke kwanikezwa ulwazi maqondana namazinga okuhlola. Buza kuleyo ndawo ngokwayo.
